Ungabika ngezinye izikhalazo zokuhlolwa kwezimbewu noma izingxabano eziqondene neqophelo lezimbewu, kodwa kumele uqale uxhumane nabe-OSTS ukubona ukuthi ngabe ubuchwepheshe obudingekayo ngenhlobo yohlolo kanye/noma ngenhlobo yezimbewu likhona yini. Le nkonzo itholakala kunoma yimuphi umuntu, inhlangano, isikhungo, inkampani noma umlimi.
Uma ufuna ukufakela isikhalazo noma ingxabano maqondana neqophelo lezimbewu, thumela incwadi kanye nesampuli yezimbewu kanti futhi ucacise kahle lonke ulwazi maqondana nesikhalazo noma ingxabano. Bandakanya imininingwane yohlolo olwenziwe ngezinye izikhungo zohlolo lwezimbewu.
Uma isikhalazo sibonakala sifanele, isibonelo, iqophelo lezimbewu lingahambisani nokubekwe kumthetho wokuthuthukiswa kwezitshalo, umthetho we-Plant Improvement Act, 1976, akho zindleko. Uma isikhalazo singenalutho olubambekayo nolufanele, kumele kukhokhelwe imali yokuhlola izimbewu ebekwe ngabophiko lwezimali zikaZwelonke , kanti kuzokhishwa i-invoice.
Kungakhokhwa ngendlela ye-elektroniki noma ngokukhokha kukhawuntala, kodwa kubalulekile ukuthi usho inombolo ye-invoice ukuze bazokwazi ukuqhathanisa imali ekhishiwe kanye ne-invoice eyenziwe.
Abe-OSTS babonelela kuqala ukuhlolwa kwamasampuli ezimbewu lapho kunengxabano noma kungalandelwanga imibandela yomthetho. Ubukhulu bengxabano noma isikhalazo, isibonelo, inani lamasampuli, inhlobo yezitshalo kanye nenhlobo yohlolo okumele kwenziwe, kuchaphazela isikhathi esizothathwa ekuphenyisiseni. Ngeke kwanikezwa ulwazi maqondana namazinga okuhlola. Buza kuleyo ndawo ngokwayo.
Le nkonzo ithokalala mahhala uma isikhalazo kungesifanele. Kodwa, uma isikhalazo kungesingafanele , kuzomele kukhokhelwe imali eyamukelekile yokuhlolwa kwezimbewu, kwisimo nesimo.
